Limathumbu entaka ngaphandle, kuheleza umoya oshubisa umnkantsha. Kusasekuse
ni embonini yabakhandi bensimbi, uMike uhleli ehhovisi lakhe lonogada eduze kwesango. Akahleli ngoba ehleli nje kodwa ulinde umphathi wakhe okumele alethe omunye umsebenzi ozoqhubeka nokusebenza kuze kushone ilanga.

UMike uvuke engenankinga washiya unkosikazi wakhe uJessica (Jess) esalele ekuseni, kuthe kushaya ihora letiye ekuseni ubesehlaselwe elibi ikhanda, elimenza kubemnyama amehlo. Angeke usebenze njengonogda uma ugula ngaleyondlela. Uzamile ukuphuza amaphilisi kwanhlanga zimuka nomoya. Kushaya ihora leshumi nje ekuseni useqedile ukubikela umphathi wakhe, usehleli ulindile. Nebala afike umphathi ashiye omunye unogada, bese amthathe ngemoto yomsebenzi aze ayongena esangweni lomuzi wakhe uMike.
"uzokwazi ukungena ngaphakathi noma kuzodingeka ngikusize ngikungenise endlini?" Kubuza umphathi.
"Hhayi cha usungisize kakhulu, ngizokwazi ukuzingenela ngaphakathi" kulandula uMike.
"kulungile ke mfanakithi"
"Hhayi cha usungisize kakhulu, ngizokwazi ukuzingenela ngaphakathi" kulandula uMike.
"kulungile ke mfanakithi"
Ancenge kancane etengezela eqonde emnyango, afike avule ngokhiye wakhe. Ulindele ukufika kungekho muntu endlini, ngalezikhathi zasemini noJess usuke esevukile wayongena emsebenzi lapho engena khona ngehora lesishiyagalolunye. Angene anganaki lutho , ejomba izimpahla ezisakazeke phansi endlini. Kulezompahla kukhona ishirt lamadoda, uthayi kanye nebhulukwe elimnyama, izicathulo zamadoda kanye nengubo yowesfazane yokulala. Indlela okulandelana ngayo akubuzwa ukuthi kukhunyulwe kuphangiswana kubhekwe ekamelweni. Indlela elimphethe ngayo ikhanda anganaki lutho uMike aze angene endlili yabo yokulala.
Yawuchitha umuthi inkanyane esezithela phezu komkakhe uJess eqoqobelene nomjokazi, sebejuluke bemanzi te bezitika ngocansi embhedeni okulala kuwona uMike noJess unkosikazi wakhe. Bathuke bagoqane lapho, umfokazu afise ukuphuma abaleke kodwa akusekho ukubaleka nakhu phela uMike usevele wazimukelwa yikhanda wahosha isibhamu somsebenzi wabakhomba ngaso.
Kukhona into ethi akavele abachithe ubuchopho ngenhlamvu kodwa futhi abuye akhumbule ijele. Akhumbule ukhule kanzima kangakanani uyise ebhadla ejele ngecala lokushaya umuntu ayembambe oqotsheni ezama ukunukubeza uMaDlamini umakaMike.
"Mike please ngicela ubeke isibhamu phansi sixoxe. Awee Mah nkosi yami ngaze ngazigwaza ngowami....... Ngiyaxolisa sthandwa Sa.."
"Thula wena sikhohlakali ndini.," esho ngesankahlu eseveva ukudinwa. Ikhanda ebelimphethe selivele lanyamalala ngazuthi akaze abe nalutho.
"uneskhathi esingakanani ungikhohlisa wenza lamanyala emzini wami? Wena ndoda ufunani emuzini wami?" Ebuza ebakhombe ngesbhamu, asisu komunye asikhombe komunye. Bobabili bayabakaza bavale amehlo uma umbhobho wesbhamu ubheke ngakuyena omunye nomunye.
"Ngiyaxolisa mfethu mina uBrenda ungitshene ukuthi akanayo indoda, umkhwenyana wakhe washona" kubhundaza umlisa osecashe ekhoneni ezifihle ngomcamelo kwesingezansi.
"Kusukela nini Jess usuwu Branda? Imkhuba yakho ngiyayesaba mfazi." Kukhexa uMike ebuka isikhohlakali esiwunkosikazi wakhe.
"Ngiyacela mfethu ungangibulali, unkosikazi wami usanomtwana omncane. Ngiyacela ungangishiyisi abantwana bami. Bengithi ngiyazigangela nje nami ngoba ngibona indawo zehlela" kuncenga indoda seyize ikhala inyembezi, incengela impilo yayo.

Useyabakaza uJess akasazi nokuthi athini, phela yena ubethi uyazigangela nje naye ngoba ebona lesiqumama esiwumaliyavuza, nakhoke esegange waze wabanjwa manje useswele umgodi wokucasha.
"So mnumzane!!" Athule kancane engathi uyacabangisisi lokhu afuna ukukusho.
"UnoMfazi nabantwana kodwa usathola isikhathi sokuzokhwela umfazi wami emzini wami?" Usehlise umoya uMike kodwa isibhamu usasiphethe ulokhu ejikeleza lekamelweni, abuye abakhombe ngaso ukubakhumbuza ukuthi basenkingeni futhi bazulelwa amanqe.
"Ngiyaxolisa mfethu"
"Lalela ke ndoda thatha umakhalekhukhwini wakho ufonele unkosikazi wakho, uyifake kwi loud speaker" esho emphosela umakhalekhukhwini awucoshe etafuleni. Ngokucacile owalendoda ngoba akawazo uMike.
"Ngiyacela mfethu ungamazisi uNkosikazi wami lento, ngiyakucela ndoda nawe uyazi uzongishiya athathe nabantwana bami"
"Good kumele wazi uma wenza into engalungile kukhona imphumela yalokho... Manje ke fona ngaze ngikuchithe ubuchopho" emkhomba ngevololo phakathi kwamehlo.

"Halo bbe, kuhamba kanjani emsebenzini" kusho izwi lowesfazane ocingweni.
"Lindy bbe ngiyaxolisa" ibibitheka indoda.
"Sizwe kwenzenjani, wakhala nje yini inkinga" kuthuka uLindy unkosikazi walomlisa osocingweni.
"Ngibhedile sthandwa, ngimoshile ngiyaxolisa"
"Ubani ke this time? Kodwa Sizwe bengithi sewushitshile, wenzeni ke namhlanje?" Ngezwi elinokudanga okuhambisana nokukhathazeka. Kodwa igazo selivele lamshiya.

Athi uyazama ukuchaza uSizwe ahluleke, kuze kube uMike othathayo athi "into azama ukukutshena yona ukuthi, lakekhona ngimkhombe ngesibhamu. Ubanjwe oqotsheni elele nomfazi wami"
"awu kodwa Sizwe nkosiyami. Manje Sizwe uyamthanda lomfazi obanjwe naye?"
"Of course no sthandwa sami, bengizigangela nje mina. Uyazi uwena wedwa isthandwa senhliziyo yami. Ngiyaxolisa bbe ngiyathembisa uma ngiphume ngiphila la ngizoba yindoda eshitshile, ngibeqotho ngihlukane nokuganga."
"Uyazibona ke Jess ukuthi uyisidwedwe kanjani, uyabona ukuthi usulahlekelwe okukhona ngento engekho" kusho uMike ebhekisa isibhamu ngakuyena, abakaze angasho lutho. Usezivale amehlo ngesandla uyakhala, sekuze kwabomvu amehlo. Into alokhu eyicelile uma eqabuke washo okuthi ukucela uxolo.

"Lindy manje ke sewuzwile ngamanyala endoda yakho, ngichith ubuchopho okanye ufuna ngiyithumele lapho kuwena emzini wakho?
"Ngicela sixoxe sobabili eceleni, ukhiphe ucingo Ku loud speaker"
"Ngicela sixoxe sobabili eceleni, ukhiphe ucingo Ku loud speaker"
Nebala ayicishe ifone uMike ayibeke endlebeni, akhulume isikhashana noLindy kungazwakali bakhuluma ngani. Aqede ukukhuluma avale ucingo. Kudlule imizuzu engamashumi amabili kuthuleke, lapho uJess noSizwe bayabakaza abazi ukuthi kuzokwenzekani ngabo. Okubadinga ikhanda kakhulu ukuthi kulindweni manje, njengoba uMike eqede ukukhuluma nocingo wangabe esasho lutho..
Kuwo lowomnyama ongenafu belindile, kuthi gidi lapho sekuvuleka umnyango wekamelo. Kungene isphalaphala sendoni yamanzi, sigqoke ingubo ethi ayifike emadolweni. Muhle umtwana wabantu, angakholwa amehlo aMike uma esembona. Kodwa kufakazela lelizwi elimtoti ebelikhuluma ocingweni, kanti futhi ubekeka ezothile.
"Hau Lindy nkosikazi ngaze ngajabula ukubona. Ngiyaxolisa sthandwa sami, ngisize ungitakule kulenyakanyaka esengikhalathele kuyona." Kuncenga uSizwe eseme ngezinyawo.
Azithulele nje uLindy, angene aqalaze indlu yonke ebuka uJess oyisonywana ekhoneni lombhede, aphinde abuyisele amehlo kuSizwe oyixingwana nqunu ekhoneni lendlu. Ubuka yonke lento ume eduze kwa Mike ngasemnyango.
"Manje senzenjani? Ngibadubule bobabili noma?" Kubuza uMike ebhekise kuLindy. Basukume bobabili oJess noSizwe baqale bazincengele impilo zabo.

1 comments:
Write commentsbluk image downloader Crack
Reply